IZITHOMBE: Umangele owesifazane wase-KZN ebeletha amawele amane

2017-08-31 19:30

Johannesburg - Umhlengikazi wasesibhedlela saseVryheid, ushayelwe ihlombe ngesigameko esichazwe njengesimangaliso kulandela ukubelethisa owesifazane amawele amane.

UJabulile Sangweni, 30, utete amawele amane ngaphandle kwezinkinga; amantombazane amathathu nomfana oyedwa.

USangweni, waseDumbe, ufike esibhedlela nge-ambulensi esuka kubo ngoLwesine ekuseni, ngezithuba zabo-07:30 esesikwa. 

USangweni, obehamba umtholampilo waseDumbe, umangele ngesikhathi ezwa ukuthi ubelethe amawele amane njengoba ebelindele ingane eyodwa.

OLUNYE UDABA:Ubelethe amawele owesifazane oneminyaka engu-64

"Bengingazi ukuthi bengikhulelwe izingane ezine. Ngimangele onesi bengitshela ukuthi ayiyodwa ingane engiyikhulelwe. Bengingakulindele lokhu. Ngiphelelwe amazwi. Ngishaqekile, kodwa futhi ngijabulile."

USangweni ululama kahle kanti nezingane zakhe zithola ukunakekelwa yithimba lodokotela esibhedlela saseVryheid.

Ingane yokuqala itetwe ngezithuba zabo-08:00, nesisindo esingu-1,37kg. Ingane yesibili yona itholwe ngo-08:05, nesisindo esingu-880g. Eyesithathu itholwe ngezithuba zabo-08:10, nesisindo esing-940g kanti eyokugcina yona ibelethwe ngezithuba zabo-08:25, inesisindo esingu-1,1kg.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe: "Ngiyamubongela unesi uSimphiwe Nomali Buthelezi nethimba lakhe ngomsebenzi omuhle abawenzile.

"Kuyisimangaliso okwenzeke esibhedlela sesifunda futhi kwangaba nankinga eyodwa. Sifisela umama nezingane zakhe impilo enhle."

IZITHOMBE:

 - eNCA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.