IZITHOMBE: 'Umengameli ophumayo' uZuma uhlangane nabagaqele esokuhola i-ANC

2017-11-24 12:31

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uhlangane nabo bonke abagaqele isikhundla sokuhola i-ANC ngaphambi kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi bale nhlangano ebhekwe ngabomvu ngoDisemba.

UZuma uhlangane noSekela Mengameli uCyril Ramaphosa, uMgcinimafa Jikelele uZweli Mkhize, uSihlalo weqembu uBaleka Mbete, amalungu e-NEC oNkosazana Dlamini-Zuma, Lindiwe Sisulu, Jeff Radebe nalwo owayenguMgcinimafa uMathews Phosa ngoLwesine.

Kwi-video ephume ngemuva kwalo mhlangano, uZuma uyaqinisekisa ukuthi uzoshenxa njengomengameli we-ANC, echitha amahlebezi okuthi uzama ukuthola ithuba lokuhola uKhongolose ihlandla lesithathu.

Ube esezibiza "ngomengameli ophumayo esikhundleni".

IZITHOMBE: UDlamini-Zuma ‘unengwa’ abathi ufuna ukuvikela uZuma ekushushisweni

UZuma uthe ucele ukuba nesidlo sakusihlwa nala malungu ngenxa yokuthi "ukhathazekile" ngenkomfa ezayo, kulandela iziwobe ezishubile zomkhankaso kanye nezinto ezenzeka ngenkomfa eyedlule.

Ezinye izingqungquthela zokuqokwa kobuholi be-ANC ezifundazweni bezihambisana nodlame.

"Bengikhathazekile ngale nkomfa ngoba wonke amehlo omhlaba athe njo kuyo. I-ANC ingenye yezinhlangano zombusazwe ezinkulu emhlabeni jikelele, yonke into eyenzayo abantu bayayibuka," kusho uZuma. 

IZITHOMBE:

presidential hopefuls

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.