IZITHOMBE: Izidumbu zabashonile zitholakale eceleni kwemoto,eBergville

2017-09-05 11:02

Durban - Kushone abantu abahlanu emgwaqeni uR616 ngaseBergville ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili.

Kushayisane imoo encane kanye nemoto yohlobo lwe-4X4 sekugamenxe ihora lesithupha ngoMsombuluko.

Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bathola imoto encane ipoqoke yacishe yaphela.

OLUNYE UDABA:IGcokama engozini yemoto - kushone abathathu

Izidumbu zamadoda amathathu kanye nabesimame ababili zitholakale eceleni kwemoto.

"Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo behlola isimo bathole izidumbu ezintathu zamadoda kanye nezimbili zabantu besimame eceleni kwemoto encane,"kusho uRussel Meiring okhulumela abe-ER24.

Kulimale abantu abane abebehamba nge-4x4 bona basindile yize belimele kancane.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.