IZITHOMBE: Zisale enkundleni izigebengu ku-M13 ePinetown

2017-08-14 17:59

Durban - NgoMsombuluko emini onogada abebeyolanda imali egalaji eliseHillcrest bahlaselwa yizigebengu.

Lezi zigebengu ezine ebezihlomile zigebenge onogada isamba semali ngaphambi kokubaleka ngemoto yohlobo lwe-VW Golf.

Kubizwe amaphoyisa, ngenhlanhla aphuthuma kule ndawo avimbezela abasolwa ku-M13 uma ubuya ePinetown.

Ngesikhathi abasolwa bebona ukuthi bavinjezelwe, bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.

Amaphoyisa nawo aphendule ngenhlamvu kwadutshulwa abasolwa abathathu bashonela khona lapho.

OLUNYE UDABA:BUKA: I-video eshaqisayo yesigameko sokuzama ukuduna

Uyedwa umsolwa osindile, kodwa uphuthunyiswe esibhedlela ngoba elimele kabi.

Lo msolwa uqashwe ngeso lokhozi ngamaphoyisa esibhedlela.

Uvulelwe icala lokugebenga ehlomile, ukuzama ukubulala kanye nokuphatha izikhali ezingekho emthethweni.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown kungekudala.

Buka izithombe ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.