Pretoria - Amaphoyisa asola ukuthi izingane ezingu-57 zaseMalawi ezishushumbiselwe eNingizimu Afrika zaluthwa ezingxenye ezahlukene kwezidla imbuya ngothi kuleliya lizwe.
NgoLwesibili amaphoyisa abophe abathathu esifundazweni saseNorth West abangabokudabuka eMalawi, abesehlenga izingane.
Abasolwa bagcinwe esitokisini.
Funda nalolu daba: Umfundi usindise owesimame obevaleleke emotweni
ULieutenant General Khomotso Phahlane uthi kubukeka sengathi izisulu ziluthelwe kwelaseNingizimu Afrika ngemali.
"Zanikezwa imali ephakathi kuka-R2,000 kuya ku-R2,500 kanti bezithenjiswe ukunikezwa enye imali uma sezifike kuleli. Angazi kodwa ukuthi ngeyani leyo mali.”
"Ngokophenyo lwethu lwesikhashana kuvela ukuthi izisulu ngezasezindaweni ezidla imbuya ngothi eMalawi futhi yingakho mhlawumbe kubelula ukuthola zona.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).