Izizathu ezingenza ukuthi uthathelwe noma uthathele umngani isoka

2016-05-17 13:29

Harare - Ukuthathelwa indoda into eyenzeka mihla yonke. Kungenzeka ukuthi kukhona omaziyo owake wathathelwa isoka ngumngani, mhlawumbe nguwe owathathelwa noma nguwe othathela abangani amasoka.

Nazi izizathu eziyishumi ezingenza ukuthi uthathelwe noma uthathele umngani isoka:

1 .Umona - Uma isoka lakhe noma elakhe linempatho nothando qaphela ikakhulukazi uma umngani engenalo isoka noma elkakhe lingaphathani kahle. Ngakho ke yeka ukutshela umngani wakho ukuthi likuphethe kanjani isoka lakho.

2. Uthando - Kungenzeka alithande isoka lakho, mhlawumbe nithanda uhlobo olulodwa lwabantu besilisa nomngani wakho.

3. Imali - Yini nje kodwa enye engenza umngani akuthathele indoda ngaphandle kwemali, uma isoka lakho likuphathisa okweqanda likwenzela konke nabangani bebona...ubobhasobha phela abantu bawuthanda kabi umnotho.

4. Ukunakekelwa - Phela wonke umuntu wesifazane uyathanda ukunakekelwa, anakwe futhi athandwe. Ngakho ke uma isoka lakhe likunakekela abangani bakho bengase balifune phela uwuhlobo lwesoka eliyimvela kancane.

5. Ukuzethemba -  Phela uma umuntu wesifazane eziqhenya ngesoka lakhe, ekhuluma ngothando aluthola kulo nokumethemba ngokuthi akasoze akujolela...Khuzeka, uzifaka enkingeni.

6. Ububi -  Abanye abangani banjalo, phela bakholwa wukuthi uma bona bengajabulile nabangani kufanele bengajabuli kanti abanye bengakwenziswa ukukubona uphatheke kabi. Abanye abangani banosathane, ngiyakutshela.

7. Ubumnandi - Hhayike bakhona abantu besifazane abathi babekwenzela ukujabula nje okwesikhashana, bechitha isizungu. 

8. Injabulo - Iningi labantu besifazane alikwazi ukuziba noma ukuvimba ukuzwa ukuthi indoda iyibhubesi embhedeni noma inenduku enkulu bengase bafune ukuyozizwela nabo. Ungalinge utshele abangani bakho ngobubhubesi bendoda yakho embhedeni nangosayizi wenduku yayo.

9. Ubuwula - Abanye abantu besifazane bengase benze ubuwula benze okubi ngoba befuna ukukuzwisa ubuhlungu, mhlawumbe bakuthathele isoka. Qinisekisa ukuthi awucasuli muntu kubangani bakho...ingase ihambe indoda.

10. Ukungabi nalo isoka - Uma umuntu wesifazane engenalo isoka futhi engaphathekile kahle/ emuncu ngalokho, uyingozi loyo mngani ngoba isoka lakho lingase likushiyele yena. Ngakhoke uma unobudlelwano obuhle nesoka lakho umngani wakho engenabo lobobudlelwane futhi engenazo izindaba angase aizxoxe nawe...ihhe!, asazi!

 - MyZimbabwe

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.