Izoba seThekwini ingqungquthela yezitabane

2016-07-08 17:31

Durban- Ngokwenhlangano iDurban Lesbian and Gay Community ingqungquthela yabo kulo nyaka izoba ngomhlaka 16 kwephezulu, kubika iSOLEZWE.

Kule nhlangano udaba oluzobe luhamba phambili ngokwengculazi kanye nesandulela ngculazi njengoba ingqungquthela yomhlaba wonke ye-AIDS izoba seThekwini.

OLUNYE UDABA:Zihlukanisile izitabane zodumo lomshado wesintu

UNonhlanhla Mkhize okhulumela le nhlangano uthe iyabathinta nabo ingqungquthela yengculazi ngoba ziningi izinselelo ababhekene nazo.

"Sibone kubalulekile ukuthi nathi sibambe eyethu ingqungquthela lapho sizodingida kabanzi ngezinselelo esibhekana nazo ikakhulukazi ingculazi.

Uqhubeke wathi ingqungquthela yabo izobasiza bakwazi ukuhlanganisa amaphuzu abalulekile abazowaphatha uma behambela ingqungquthela yengculazi ukuze bathole ulwazi olubalulekile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.