Izobekwa ngeSonto inqalabutho kaMaskandi eNquthu

2016-12-10 18:30

Durban - Uyabekwa ngeSonto umculi kaMaskandi owaduma ngengoma ethi, Wobuyeka Maria utshwala buyakwehlula.

UThembinkosi “Nganeziyamfisa” Ntuli waduma kakhulu ngeminyaka yo-80 ecula ngaphansi kweqoqo iNganeziyamfisa noKhamba Lomvaleliso.

Umnyango wezoBuciko kanye namaSiko kwaZulu-Natal udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaNtuli ngokudla emhlabeni kwale nkakha.

OLUNYE UDABA:Inkakha kamaskandi emdlalweni kamabonakude

“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kwaNtuli. Amagalelo alesi sihlabani kanye nokusebenza kwaso ngokuzikhandla kubonakale yonke indawo kulesi sifundazwe.”

Abaculi bakaMaskandi eGoli, babamba inkonzo yesikhumbuzo ngeNgoma eDowntown ngoMhlaka 8 eGoli.

UZama Sibisi okhulumela lo mnyango uqinisekise ukuthi uMnyango uzobe ukhona ukweseka lo mndeni ngalesi sikhathi.

“UNgqongqoshe ngeke aphumelele ukuhambelainkonzo yokuvalelisa le nqalabutho ngenxa yokuxinwa umsebenzi, kodwa uthumele oyiNhloko yomnyango wakhe ubaba uMnguni ukuba ayommela,”kusho uSibisi.

Lala ngokuthula Mphemba

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.