Izodingidwa ngomhlaka-22 Febhuwari eyokungabethembi ubuholi bukaZuma

2018-02-02 14:04

Cape Town - Isicelo se-Economic Freedom Fighters sokuthi kudingidwe ngokungathenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma sihlelelwe umhlaka-22 Febhuwari, ngelanga elilandela iBudget Speech.

Izikhulu zePhalamende ngoLwesine ziveze ukuthi zisinqabile isicelo se-EFF sokuthi lolu daba ludingidwe ngesonto elizayo ngaphambi kwenkulumo ebhekiswe esizweni.

Bathi iState of the Nation Address (SONA) izoqhubeka njengoba kuhleliwe.

IPhalamende ngoLwesihlanu linikeze izizathu zokuthi kungani lolu daba luzodingidwa ngemuva kwenkulumo yokuvula iPhalamendme kanye nangemuva kwenkulumo yesabelomali kaNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba.

OLUNYE UDABA: Kuhlehliswe usuku lokuvota ngesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaZuma

Lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokubuka izinhlelo eziningi iPhalamende elimatasa ngazo, okubalwa i-SONA, inkulumpikiswano nge-SONA, ukuphendula kukamengameli kanye neBudget Speech ngomhlaka-21 Febhuwari.

"UBaleka Mbete naye uxhumanile nezinhlaka ezithintekayo," kusho okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo.

I-EFF ngoLwesine ithe ilungiselela ukuzwakalisa izimfuno zayo ngoZuma kwi-SONA ngoLwesine oluzayo, ngomhlaka-8 Febhuwari, ithembisa ngokuthi kungenzeka ukuthi kuphazamiseke uhlelo.

Khonamanjalo, iDemocratic Alliance izophinde inxuse uMbete ukuba ahlehlise i-SONA, yize iPhalamende lisihlabile isicelo isicelo seqembu sokuqala.

Lokhu kulandela ukuthi i-DA icele ukuba ihlehliswe i-SONA kuze kube uZuma uyashenxa esikhundleni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.