Izwe lizosiza ngezindleko zomngcwabo kaTsvangirai

2018-02-15 18:00

Harare – Izwe iZimbabwe likulungele ukusiza ngezimali uma sekulungiselelwa umngcwabo kaMorgan Tsvangirai ukukhombisa inhlonipho elinayo ngomufi obengumholi weqembu eliphikisayo, kusho okhulumela uhulumeni ngoLwesine.

Ukushona kukaTsvangirai ngoLwesithathu eNingizimu Afrika kushiye iMovement for Democratic Change idunguza ebumnyameni kwazise kusanokuphikisana ngokumele athathe izintambo, okuqale engakashoni lo mholi.

"Ihhovisi lenxusa laseZimbabwe ePitoli liyalelwe ukuba lisize ngayo yonke indlela elingakwazi ngayo, kuhlanganisa nangenzindleko zokubuyiswa kwesidumbu sakhe,” kusho uGeorge Charamba, okhulumela ihhovisi likamengameli.

OLUNYE UDABA: Ubangwa nezibi uTsvangirai

UMengameli omusha waseZimbabwe, u-Emmerson Mnangagwa, uthe uzoqinisekisa ukuthi izwe libamba ukhetho olukhululekile nolungenakwenzelela ngenhloso yokuhlonipha amagalelo kaTsvangirai.

Kulindeleke kubanjwe ukhetho eZimbabwe ezinyangeni eziyisithupha ezizayo, nokushiya iqembu likaTsvangirai lisenkingeni njengoba kumele lithole umholi omusha ozobangisana ne-ZANU-PF.

Alokhu engene njalo amazwi enduduzo ngokushiya kwaleli qhawe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.