Kabayizwa eyokungcwabela uWinnie eGoli

2018-04-04 11:01

Durban - Umndeni wengqalabutho yomzabalazo esanda kukhothama uNkz Winnie Madikizela Mandela oseMbizana e-Eastern Cape esigodini saseMbhongweni lapho azalelwa khona usukubeke kwacaca ukuthi kabayizwa kahle eyesinqumo sokumngcwabela eGoli.

Lokhu kudalulwe umzala kaMama uWinnie, uMnu Prince Madikizela okhulumela umndeni waseMbizana ukukhi bazizwa bexhoshwa libhekile ngesinqumo sokuthi umzala wakhe ayongcwatshelwa eGoli kungakhulunywanga nabo kuqala.

“Thina sizwe nje ngezindaba ukuthi umndeni wakhe oseGoli usuhlangene noMengameli uCyril Ramaphosa kwathathwa lesi sinqumo kodwa ke sesithumele umuntu wethu ukuthi ayosizwela ukuthi kwenzakaleni” kusho uMnu Madikizela.

Ukugcizelele ukuthi umndeni kawuxabani ngalesi sinqumo kodwa ingcindeni ivela emphakathini, osopolitiki, nasemamakhosini abahlaba imibuzo usuku nosuku ukuthi kungani abaholi abadabuka ezindaweni zabo begcina sebengcwatshelwa kwezinye izindawo kungaxhunyanwanga nabo.

“Phela uWinnie ubese umholi wezwe ubengasiyena owethu kepha ubese umuntu wabantu okusho ukuthi bafanele ukuba nemibuzo ngaye . UWinnie akafunwa yithina la, ufunwa AmaMpondo akubo” kudalula uMnu Madikizela.

OLUNYE UDABA: Uzongcwatshelwa eGoli uMadikizela-Mandela

Uphinde wathi okubuhlungu ukuthi izinto zaseGoli zikhohlweka kodwa uma uWinnie angangcwatshelwa eMbizana, AmaMpondo akubo ngeke amkhohlwe.

“Bheka nje u-Oliver Tambo kwababuhlungu okwenzeka kuyena ngesikhathi kwenziwa isikhumbuzo ngaye endaweni, izingane zakhe zange zilubhade, kwaba yinto eyasiphatha kabi. Kasifuni kubenjalo naku mzala wami” kuchaza uMnu Madikizela. Uphinde wathi okubuhlungu nje ukuthi kuko konke okwenziwayo indawo ekwazalelwa kuyona uWinne isesemuva kwezentuthuko, kayihambeki ngoba ayinamigwaqo futhi naye ushone elokhu ebuza ukuthi yingani abantu bendawo yakhe besadonsa kanzima nangesikhathi senkululeko.

 Uqhube wathi banomhlangano ophuthumayo namuhla ekuseni futhi phakathi kwezinto abazoxoxa ngazo eyomngcwabo kaWinnie isoqhulwini.

Usihlalo we-ANC esifundeni sase-Alfred Nzo uMnu Sixolile Mehlomakhulu naye uke waphawula ngaloludaba lokuthi abaholi abalwela inkululeko abazalwa ezindaweni zabo bagcine sebengcwatshelwa eGoli. Nokho akafunanga kungeka kabanzi kuyona nakuba ezwakalise ukungenami.

Amalungiselelo esikhumbuzo sesifundazwe ngoWinnie esizobanjelwa khona kuleya ndawo ayaqhubeka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.