Kade ayekhuzwa ngokukipita osekhethe ukuzibulala

2017-11-30 16:01

eThekwini - UConstance Ngcobo uthi kudala eyeyikhuza indodana yakhe uMthobisi eyitshela ukuthi ukuhlala nentombi kuzoyilethela amashwa wodwa.

Yize kunjalo, uMthobisi wayengalaleli eqhubeka nokuphila impilo yakhe ngendlela eyithandayo kwaze kwasekugcineni.

NgoLwesibili, kwatholakala isidumbu sikaMthobisi, 38, silenga ophahleni lwegumbi abeqashe kulo esigcemeni sakwa-Q, eMlazi.

Umama wakhe uConstance, 61, ohlala eNewlands West eThekwini ukholwa wukuthi izizathu ezenze indodana yakhe izibulale wukuthi inenkani futhi ibiqinisa ikhanda ifuna ukwenza izinto ngendlela yayo.

"Ngicabanga ukuthi ubenezinkinga othandweni abekulo wase enquma ukuzibulala kunokuthi abuyele ekhaya," kusho lo mama.

Lo mama uqhubeke wathi ukube uMthobisi wamlalela wangaya ukuyohlala naleya ntombi, ngabe usaphila.

OLUNYE UDABA: Uzibulele ogilwe umakhwapheni wakhe

"Sekumele senze umsebenzi wokugeza loya muzi manje ukuze kungaphinde kwenzeke le nto eyenzeke kuleli gumbi azilengise kulo," kuqhubeka lo mama.

Umnikazi womuzi uThabisile Mdluli uthe umndeni kumele uhlabe imbuzi ugeze umuzi wakhe.

Umama wengane kamufi akafunanga ukukhuluma nabeDaily Sun kodwa kuthiwa ubebuya emsebenzini ngesikhathi efika endlini wathola isidumbu sikaMthobisi silenga ophahleni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.