#KathradaMemorial: Ipolitiki nokwethembeka akuhambisani – Pravin Gordhan

2017-04-06 18:02

Durban - Lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan uthe kuyintokozo kuyena ukuhambela inkonzo yesikhumbuzo sika-Ahmed Kathrada.

UPravin uthe useyajwayela ukuthi uma emenywa ezindaweni ezifana nale ngeke esabizwa ngoNgqongqoshe, kodwa useyilungu elijwayelekile nje lomphakathi.

Uthi lezi zinyanga ezingu-15 ezedlule kube yizinyanga ezinzima kakhulu kuyena kodwa wayebekezele ngoba ingekho into angayenza.

UGordhan uthe sisesikhathini esinzima futhi kunefu elimnyama eligubezele leli lizwe, kanti uma izimo zinjena uyaye abheke kubantu abafana noKathrada abantu ababenomthetho.

Uthe ubebukela kakhulu kulo mholi ngoba wayenokwethembeka ngisho nakwezombusazwe.

"Osopolitiki kanye nokwethembeka yinzito ezimbili ezingahambisani nhlobo. Ukwethembeka akukho kwezepolitiki ngisho nakwamanye amazwe kunje, ngakho-ke asingenzi sengathi yinto ebhekene neNingizimu Afrika kuphela," kusho uGordhan.

OLUNYE UDABA:I-DA ifuna abe-NPA bahoxise amacala abekwe uPravin Gordhan

UGordhan uqhubeke wathi ngesikhathi sithola inkululeko ngonyaka ka-1994 asizange siyithole inkululeko kwezomnotho yingakho sihlukene kangaka siyizwe futhi yikhona lokhu okusenza singalingani.

Uthi yize sekuphenduke isiqubulo esijwayelekile ukuthi kumele kube khona ushintsho kwezomnotho, kodwa kumele sisebenze kanzima ukutakula labo abangakayizuzi inkululeko yezomnotho futhi lowo wumsebenzi wawo wonke umuntu wakuleli.

UGordhan ubuye wagadla kuMengameli Jacob Zuma mayelana nombiko okusolakala ukuthi yiwona owadala ukuba axoshwe, wathi: "Abantu kumele bakhathazeke uma kusakhona izingane ezifundela ngaphansi kwezihlahla ngoba ingekho ingqalasizinda. Imali ikhona, ukuthi nje ayisetshenziswa ngendlela" 

Uqhubeke wathi kusazoba nzima kodwa kumele sizame indlela yokutakula umnotho wakuleli.

"Besingekho nesidingo sokuthi umnotho wakuleli wehle kangaka ukube siziphethe kahle, kodwa-ke leyo indaba yolunye usuku." 

UPravin uthe useyilo iLungu le-ANC ePhalamende, okwamanje.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.