Cape Town – Isikhulu se-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, uthi ziningi izinto okumele zicutshungulwe ngokucophelela uma ngabe kuzoqokwa umqeqeshi wamaBhakabhaka.
U-Iron Duke udalule ukuthi kunohlu olufinyeziwe lwabaqeqeshi okuzokhethwa kubo ozothatha izintambo kumqeqeshi obambe okwesikhashana, u-Augusto Palacios, wathi kodwa umsebenzi wokuthungatha umqeqeshi omusha awulula neze.
“Awulula,” etshela iCity Press.
“Uma ngabe uqasha umqeqeshi kuPirates, kufanele kube ongena khaxa, umqeqeshi kumele ngokushesha ajwayelane nabadlali.
OLUNYE UDABA: ULekgwathi ufuna kunikwe uBenni owokuqeqesha iPirates
“Futhi sesikwazile ukunciphisa uhlu lufike kubantu abayisithupha… babili abakuleli kanye nabane bakwamanye amazwe.
“Abanye banama-cv ahehayo, kodwa uma usuhlala phansi nabo uqaphela ingqinamba yolimi.
“Ngiyacabanga ngingedwa, “ Uma ngithwala kanzima ukulandela ukuthi uzama ukuthini, kuzokwenzakalani kubadlali? Bazokwazi ukulandela imiyalelo yakhe?
“Udinga umqeqeshi oqonda wonke umdlali ngamunye, [ukuthi] ubasebenzisa kanjani kanye [nokuthi] ubenza kanjani benze kangcono,” uphethe kanjalo.
AmaBhakabhaka azobuyela emidlalweni ye-Absa Premiership ngoLwesithathu nalapho ezobhekana khona nePlatinum Stars.
Umdlalo uzoqala ngo-19:30.