Khumbulani abashona belwela inkululeko uma senivota - Zuma

2016-07-30 14:08

Bloemfontein – Abantu kumele bakhumbule labo abashona belwela inkululeko yeNingizimu Afrika uma sebevota ngesonto elizayo, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesihlanu.

"Uma nivotela i-ANC, nisuke nimele izwe okhethweni," kusho uZuma emcimbini wokuqongelela imali obuseBloemfontein ngoLwesihlanu ebusuku.

“Ukhetho akuyona into yokudlala, labo abebecabanga ukungayivoteli i-ANC kuzomele baguqule umqondo bavotele leli qembu."

OLUNYE UDABA: UKhongolose uzobusa kuzekubuye uJesu - Zuma

Uma kungena abantu abangalungile emandleni, izwe liyohlupheka ingunaphakade, exwayisa.

Uthe into eyenziwa amaqembu aphikisayo, ukukopela i-ANC nje kuphela.

“Akekho noyedwa umengameli we-ANC ongakaze agxekwe, kepha leli qembu lizoqhubeka nokuphumelelisa iNingizimu Afrika," esho.

UNdunankulu waseFree State u-Ace Magashule uthe bahambele uWinnie Madikizela-Mandela, naye washo ngazwilinye ukuthi abantu kumele baqinisekisa ukuthi uKhongolose uyalunqoba ukhetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.