Konke esikwaziyo okwamanje nge-listeriosis

2018-03-05 18:02

Johannesburg – UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi umemezele ukuthi uMnyango usukwazile ukuthola umsuka wobhedukane i-listeriosis eNingizimu Afrika.

Manje lokho kukuthinta kanjani wena futhi ungagwema kanjani ukuthi ube yisisulu? Nakhu esikwayizo okwamanje nongakwenza.

Yiziphi izinkampani ezithintekayo?

UMotsoaledi uthe lo bhedukane kutholakale ukuthi umsuka wawo usefemini yakwa-Enterprise esePolokwane. ULawrence MacDougall, oyiChief Executive Officer eTiger Brands, uthe bamise ukusebenza kule femu kanye naleyo eseGermiston. I-listeria iphinde yayamaniswa nefemu yakwaRainbow Chicken eseFree State.

Utholakale kanjani umsuka wayo?

UMotsoaledi uthe lesi sifo bakwazile ukulandela umkhondo waso ngemuva kokuthi izingane zihlatshwe wukugula enkulisa eseSoweto ngesonto eledlule. Zibe sezihlolwa kwatholakala ukuthi zine-listeriosis.

Itheni i-RCL neTiger brands?

I-RCL ithe ikumisile ukukhiqizwa kukapholoni wayo efemini eseWolwehoek kulandela isimemezelo sikaMotsoaledi. Iphinde yamemezela ukuthi abathengi babuyise upholoni okhiqizwa yibo.

UMacDougall uthe iTiger Brands isikumisile ukusebenza emafemini amabili akwa-Enterprise - ePolokwane naseGermiston. Uthe bawathintile wonke amakhasimende abo ukuqinisekisa ukuthi zonke lezi zimpahla ezichaphazelekile ziyasuswa emashalofini.

Ukubuyiselwa emuva kwale mikhiqizo ezitolo ezinkulu

UPick n Pay noShoprite ngeSonto bathe bayayihoxisa yonke imikhiqizo yakwa-Enterprise kulandela isimemezelo sikahulumeni nge-listeriosis.

Yini okumele uyiqaphele?

UMotsoaledi uthe nakanjani u-polony yiwo umsuka waleli gciwane. Nokho, uxwayise ngokuthi eminye imikhiqizo efana nama-vienna, amaRussian, amaFrankfurter, namanye amasoseji kungenzeka ukuthi nawo angenwe yilesi sifo ngenxa yokuthi le mikhiqizo ihlala kanye nopholoni.

Kumele uyenzenjani impahla yakho?

Umphakathi ucelwe ukuba ususe yonke inyama elungele ukudliwa yakwa-Enterprise emafrijini bayifake koplastiki, bayihlukanise neminye imikhiqizo ukuze nayo ingangenwa yilesi sifo.

Bangakhi asebeshonile?

Lo bhedukane usubulale abantu abangu-180.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.