Konke kuhamba ngokohlelo ngamalungiselelo oMkhosi woMhlanga

2017-09-05 14:03

Durban - Ayaqhubeka amalungiselelo omgubho weminyaka engu-33 woMkhosi woMhlanga ozobanjelwa kwaNongoma.

Kulo nyaka lo mgubho uzoqala ngomhlaka-8  kuya kumhlaka-10 kwephezulu.

Imihlanga ezobe iphethwe yizintombi nto isikhiwe eHabeni.

Uhlelo lwezokuphepha olwenziwa abe-Road Traffic Inspectorate luhlanganisa ukuhlola izimoto kusukela lapho ezizobe zisuka khona nakwezinye izindawo ezikhethekile.

UMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uqashe amabhasi angu-75 azothutha izintombi kanti nabomasipala bazozihlelela ezabo izinto zokuthutha futhi bazoqinisekisa ukuthi abashayeli bayahlolisiswa nokuthi amaphepha abo okushayela ahlelekile na.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Uqhubeka ngokohlelo uMkhosi woMhlanga

Kulindeleke ukuba kufike izintombi ezisuka ezifundazweni iMpumalanga, i-KZN, iGauteng kanye naseSwazini.

Zonke izintombi ezizobamba iqhaza kulo mkhosi kumele zigcwalise amafomu akhethekile anayo yonke iminingwane yazo.

Izifunda ezahlukahlukene seziyiqalile imicimbi yazo ngaphansi kwesiqubo esithi “Siyaya eMhlangeni”, kanti oNdlunkulu bakwaZulu bayingxenye yayo le micimbi lapho abafike baxoxe khona nezintombi ngokuthi yini elindeleke kuzona uma zifika eMhlangeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.