‘Konke kusezandleni zikaSukazi ngesithenjwa seChiefs’

2017-01-28 13:26

Johannesburg – Lowo owayengumqeqeshi ka-Eric Mathoho, u-Owen Da Gama, uthi ikusasa lalo mdlali kuKaizer Chiefs lisezandleni zalowo obhekelele izindaba zalo mdlali.

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba ezithi uMathoho ugaqelwe yiMamelodi Sundowns njengoba inkontileka yakhe naMakhosi isiya ngasemaphethelweni.

IChiefs ibhekene ngeziqu zamehlo noMathoho ophelelwa yinkontileka uma kusongwa isizini.

Lo mdlali kuke kwaqhamuka amakilabhu amaningi aphesheya emfuna kodwa iChiefs inqabe naye, ithi isamudinga, kubika ILANGA langeSonto.

Ngesizini eyedlule uMathoho uvelelwe yishwa elimala ngesikhathi sekufanele ayozama inhlanhla kwenye yamakilabhu ase-Europe.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiejfs ukuthi uMotaung ubizelwe emhlanganweni ophuthumayo umphathi kaMathoho, uTim Sukazi, kubhungwa udaba lwenkontileka yalesi sitobha.

OLUNYE UDABA: IChiefs ijikelwa yisithenjwa somdlali

“UMathoho ungomunye wabadlali abanohlonze kanti nala maqembu amabili amfunayo adlala indima enkulu ebholeni lakuleli.

“Lo mdlali uphakathi komhlane nembeleko kuChiefs nokwenza ukuthi abe sefomini enhle. Kubalulekile ukuthi abadlali babe semaqenjini abathokozile kuwo,” kuchaza uDa Gama.

Unanele ngokuthi lowo obhekelele umsebenzi kaMathoho, uTim Sukazi, nguye ozoba neqhaza elikhulu ekunqumeni ngekusasa lalesi siqongwane somdlali

“Abadlali manje bafolosa ngalabo ababhekelele umsebenzi wabo uma kuthathwa izinqumo. Kuba yibona abangena ezingxoxweni bemele abadlali.”

Uthe nakulolu daba lukaMathoho kuzoba ngesifanayo.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.