Konke sekusezandleni zezithunywa ze-ANC kanye noMdali - Dlamini-Zuma

2017-12-14 12:33

Ekurhuleni – UDkt Nkosazana Dlamini-Zuma nabamesekayo bakholelwa ekutheni benze konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi uba ngumengameli olandelayo we-ANC kanjalo nomholi wokuqala wesifazane walo mbutho oneminyaka engu-105 wasungulwa.

UDlamini-Zuma, owayengusihlalo we-African Union Commission, ukhulume esidlweni sakusihlwa se-ANC Women’s League ebesihlelelwe ukuhlonipha yena ngoLwesithathu.

Ubekhuluma okokugcina ngaphambi kwenkomfa yokuqokwa kobuholi be-ANC ebhekwe ngamehlo abomvu ngoMgqibelo.

"Manje konke sesikubeke ezandleni zezithunywa kanye noNkulunkulu. Senze konke okusemandleni ethu njengoba manje sesivala lo mkhankaso," kusho uDlamini-Zuma ngesikhathi ebonga amalungu ethimba ebeliqhuba umkhankaso wakhe ngomsebenzi eliwenzile unyaka wonke limphendlela indlela.

OLUNYE UDABA: I-Cope ikugxekile ukufakwa kuka-Dlamini-Zuma njengelungu lePhalamende

UDlamini-Zuma noSekela Mengameli uCyril Ramaphosa yibo abahamba phambili kulo mjaho okwakucatshangwa ukuthi uphakathi kwabayisikhombisa abagqele isikhundla sokuhola uKhongolose.

Amagatsha ale nhlangano abeke phambili uRamaphosa ngamavoti angu-1 859, kwathi uDlamini-Zuma yena wathola angu-1 330 - okuyigebe abaningi abathi lincane kakhulu.

Ukukhankasa bekushubile kulezi zinsuku ezimbala ezedlule njengoba abalandeli bakaRamaphosa noDlamini-Zuma bebekhombana ngenjumbane ngokuthengwa kwezithunywa.

"Kunezinkulumo zokuthengwa kwezithunywa. Asikho isidingo salokho. Sisebenze kanzima, sanqamula lonke izwe sazisa abantu ukuthi kungani kumele basivotele," kusho uDlamini-Zuma.

Unanele ngokuthi ngokucabanga kwakhe akekho umholi ongaziqhenya ngokuthi uvotelwe ngenxa yemali.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.