Kubalulekile ukufundisa izingane ngobungozi kanye nokuzivikela kwi-HIV

2016-11-22 16:00

Hammarsdale - Igciwane lesandulela ngculazi kanye nengculazi uqobo lwayo yisifo esesikhungethe izinkulungwane zabantu bakuleli.

Iqiniso wukuthi uma ungenaso lesi sifo, kukhona umuntu osondelene naye onaso, yingakho kubalulekile ukuthi sifunde ngezindlela zokuzivikela kanye nokweseka labo abanalesi sifo.

Uthisha uNgcobo wesikole samabanga aphansi kwaMyeza Primary School eHammarsdale umeme abafundi, othisha, abefundisi kanye nabeluleki emcimbini wokugubha usuku olwaziwa nge-World Aids Day.

Kulo mcimbi abafundi bebehaya izinkondlo bedlala nemidlalo yeshashalazi bakhombisa amakhono abo kanye nolwazi abanalo ngalesi sifo.

OLUNYE UDABA:Kuxwayiswe izingane 'ngoSugar Daddy'

UNksz MaKing Motaung osebenza njengomeluleki wentsha ekhungethwe yilesi sifo emtholampilouthi kubalulekile ukutshala ulwazi olwanele kubafundi abasebancane ngalesi sifo.

"Abafundi bayayibamba into abayifundiswe esikoleni futhi bakhula nalo lolu lwazi. Ngesikhathi ngisaluqala uhlelo lokweluleka umphakathi ngalesi sifo, ngangihlose ukweseka abantu abakhulile, kodwa ngabona sisiningi isikhala okumele sivaleke ezinganeni kanye nakubantu abasha.

"Kunezingane ezizalwa nalesi sifo ezidinga ukwesekwa zizokwazi ukuthi akuzona zodwa ezibhekene nalo mqansa, futhi uma zibona ukuthi bakhona ontanga abaphila nalesi sifo kubalula kuzona ukuthi zikwazi ukubhekana nanoma yiziphi izingqinamba ezihlangabezana nazo," kusho yena.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.