Kubanjwe ababili kulandela ukubulawa kwabayisithupha KwaDlangezwa

2017-11-21 12:30

Durban -  Ngezintatha zangoLwesibili amaphoyisa angaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo abambe abasolwa ababili ngecala lokubulala abantu abayisithupha KwaDlangezwa, ngaseMpangeni.

Laba basolwa abaneminyaka engu-32 no-39 ubudala babhekene nawokubulala ngesigameko esenzeke enxanxatheleni yezitolo iVulindlela ngempelasonto.

Ngokombiko wamaphoyisa ngoMgqibelo, abasolwa abangaziwa bavulela ngenhlamvu kumakhasimende ngoLwesihlanu ebusuku.

Kulesi sigameko, kudutshulwe kwabulawa nomuntu owayehleli emotweni yakhe eziphuzela isiphuzo, kwabulawa nonogada ababili.

OLUNYE UDABA:Kubulawe 5 wabantu emjondolo e-Eastern Cape

Abasolwa bathatha isamba semali esingadalwanga esitolo sabokufika, kanti abanikazi besitolo abazange balimale.

UBheki Mbokazi ongumfowabo womunye wezisulu uthe babuhlungu ngalesi sigameko sokuhlasela.

"Sibuhlungu kakhulu ngoba izinto eziningi bezenziwa nguye umfowethu emndenini kanti futhi mina ngingumagcino. Ngisho noma ngifuna ukwelulekwa bengiya kuye, kodwa manje ngisele ngedwa futhi angazi ngenzenjani."

Laba basolwa babanjwe emalokishini eNgwelezane naseMkhobosa kanti kulindeleke ukuba bavele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseMpangeni lingakapheli leli sonto.

Babekwe amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokuphanga aphenywa ngamaphoyisa aseMthunzini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.