Kubanjwe abane ngelokubulawa kweNkosi yakwaMathonsi

2016-12-20 18:04

Durban – Uphiko loKlebe lupheka ngemibuzo amadoda amane ngelokubulawa kweNkosi yakwaMathonsi.

INkosi uLinda Mathonsi, 60 wadutshulwa wabulawa ehamba nomndeni wakhe endaweni yaseChappies eMandeni ngomhlaka 5 kwephezulu.

Indodakazi yakhe nayo eyalimala kulesi sigameko yaphuthunyiswa esibhedlela.

Abasolwa bafika bavulela ngenhlamvu ngaphambi kokubaleka ngemoto engaziwa.

OLUNYE UDABA:Inkosi ixosha undlunkulu emsola ngokuthakatha

Icala lokubulawa kweNkosi ladluliselwa kuphiko loKlebe.

NgoLwesibili kubanjwe amadoda amane asaphekwa ngemibuzo ngaleli cala.

Oyedwa walawa madoda utholakale nesibhamu kanti okwamanje siyohlolwa ukuthi asikaze sisetshenziselwe ubugebengu.

Abasolwa babengaziwa njengoba baphela endaweni behamba ngemoto engaziwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.