Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala behamba nesiguli eGoli

2017-10-10 12:31

Johannesburg - Babanjwe inkunzi bekhonjwe ngezibhamu abosizo lokuqala e-Alexandra, enyakatho yeGoli, ngoLwesibili ekuseni, kusho abosizo lokuqala bakwa-EMS.

Isikhulumi, uRobert Mulaudzi, uthe abosizo lokuqala bebephuma ukuyolanda isiguli kuSecond Street ngezithuba zabo-02:00 ngesikhathi kuqhamuka amadoda amabili abehlomile ebaphoqa ukuba bamise i-ambulensi.

"Babaphuce izikhwama zemali namaselula abo," kusho uMulaudzi.

OLUNYE UDABA:Bazovela enkantolo ababamba inkunzi abosizo lokuqala

Abosizo lokuqala nesiguli abazange balimale kulesi sigameko, kodwa bebethukile, usho njalo.

Kwenzeke isigameko esifana nalesi eCosmo City entshonalanga yeGoli, ngoSepthemba, manje abosizo lokuqala sebeyesaba.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi bonke abasebenzi abangu-1 500 be-EMS, kubalwa nezicishamlilo bathukile kulandela lesi sigameko. "

UMulaudzi unxuse izakhamuzi zakuleli ukuba zibasize, zibavikele.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.