Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala, bekhonjwe ngesibhamu

2018-03-15 16:00

Port Elizabeth - Abasebenzi bosizo lokuqala abebehambele owesifazane obebeteta babanjwe inkunzi bekhonjwe ngesibhamu ePort Elizabeth, kusho uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape ngoLwesine.

Okhulumela uMnyango, uSizwe Kupelo, uthe isigameko senzeke ngezithuba zabo-22:00 ngoLwesithathu kuTutu Street eNew Brighton ngesikhathi abosizo lokuqala beyosiza owesifazane.

UKupelo uthe abosizo lokuqala bebengaphakathi endlini yalo wesifazane bemsiza ngemuva kokuba befike esevele esebelethile.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala behamba nesiguli eGoli

"Omunye umsebenzi wabosizo lokuqala ube esebuyela kwi-ambulensi kanti uzozithela endodeni ebimile ngaphandle. Kube sekusuka umsindo, kwaphuma uzakwabo endlini eyobheka ukuthi kuqhubekani naye wazithela phezu kwenye indoda ebihlome ngesibhamu yabafuna amaselula nemali."

UKupelo uthe abosizo lokuqala babe sebefuna usizo kwabanye ozakwabo besebenzisa u-ova we-ambulensi. Uthe kufike umphathi wabo nabanye ozakwabo bezobahlenga.

Akekho olimalile kulesi sigameko futhi nesibhamu asiqhunyiswanga. Abosizo lokuqala basesimweni esikahle kodwa bebekhungathekile.

UKupelo uthe abosizo lokuqala bazolashelwa ukwethuka.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe bayaphenya ngalesi sigameko sokuphanga kuhlonyiwe.


- African News Agency (ANA).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.