Durban – Umama womfana oneminyaka engu-12 oyi-albino usathukile
uma ecabanga ngobuhlungu obucishe behlela umndeni wakhe njengoba bekazama
ukudayisa ingane yakhe.
Ngokwemibiko ye-Daily News, umama walo mfana namanje akaqondisisi ukuthi yini eyenze
uMpumi Mabika, 28 oyisihlobo sakubo azame ukudayisa indodana yakhe esangomeni.
OLUNYE UDABA:Sezisaba ngisho ukuya esikoleni izingane ezingama-albino
USlilindile Mabika ongumama wengane uthi usashaqekile
ngalokho okwenziwa isihlobo sakhe. Kuthiwa isangoma uJames Mthembu ushayele
amaphoyisa ngesikhathi umsolwa uMpumi ezama ukumdayisela le ngane.
Lo mfanyana uManeliswa Ntombela wathunjwa ephandle komuzi
lapho ahlala khona nomama wakhe kanye nomamncane wakhe.
“Udadewethu ubezama ukubeletha umfana wakhe omncane kanti uManeliswa
nomzala wakhe bephandle, uthe eseqalaza uManeliswa akasekho kanti umzala wakhe
uthe kufike umalume abangamazi wamthatha,”kusho umama wakhe.