Kubanjwe izimbongolo ziwelisa umfula iveni elebiwa eThekwini

2016-12-24 11:31

Durban – Iveni elebiwe eThekwini litholwe amaphoyisa ngesikhathi liweliswa umfula oseLimpopo, lidonswa yizimbongolo ngoLwesihlanu ntambama.

Isithombe seveni lohlobo lweToyota Hilux liphakathi emanzini lidonswa yizimbongolo nabasolwa ngaphambili sisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Kusize kugandaganda ukutakula iveni elikhalakathele emgodini

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe, amaphoyisa abambe abasolwa beshushumbisela imoto eZimbabwe isuka eNingizimu Afrika," usho njalo.

Ngesikhathi abasolwa bebona amaphoyisa, babalekele eZimbabwe.

"Kuthathe amaphoyisa amahora amane ukukhipha imoto emanzini. Leli veni lebiwe maphakathi neThekwni kule nyanga," usho njalo.

 - Independent on Saturday

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.