Kubanjwe izithandani zizitika ngocansi emotweni

2017-05-22 19:29

Johannesburg - Izithandani zikhiphe imali engu-R200 zifuna ukufumbathisa amaphoyisa ngemuva kokubanjwa zinqunu zizitika ngocansi epaki endaweni okudunwa kakhulu kuyo izimoto ePitoli.

La maphoyisa abeqhuba umsebenzi wawo ngesikhathi ebona imoto yohlobo lwe-Audi A3 ipake ekhoneni likaJustice Mohamed Street noSteve Biko Road, eSunnyside, ngoLwesihlanu.

"Leli khona laziwa kakhulu njengendawo okudunwa kuyo izimoto . Ngesikhathi amaphoyisa esondela kule moto, athole indoda nowesifazane bezitika ngocansi ngaphakathi emotweni," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Daniel Mavimbela.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izithandani ngokuzitika ngocansi esidlangalaleni

"Ngesikhathi lezi zithandani zibona ukuthi sezibanjiwe, owesilisa kusolwa ukuthi wakhipha imali ewu-R200 ngenhloso yokuba amaphoyisa abadedele," kuqhuba uMavimbea.

"Amaphoyisa ayinqaba le mali, azilinda izithandani zaqeda ukugqoka ngaphambi kokuzihambisa esiteshini samaphoyisa."

UMavimbela uthe abashayeli sebeke baxwayiswa ngokupaka izimoto bahlale kuzo njengoba lokhu kukhuphula izinga lobungozi bokuthi badunwe izimoto.

Lezi zithandani zizovela eNkantolo yeMantshi yasePitoli maduze ngecala lokungaziphathi kahle emphakathini nelokuzama ukufumbathisa amaphoyisa.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.