Kubanjwe umholi wemigulukudu entshontsha izimoto eLimpopo

2018-03-07 12:30

eGoli - Owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala usolwa ngokuba yilungu leqembu lemigulukudu eduna izimoto, uvele eNkantolo yeMantshi yaseWestgate, eGoli, ngoLwesibili.

Lo mlisa uvele enkantolo ngelinye icala lokweba imoto.

Ngokusho kukaCaptain Matimba Maluleke okhulumela uphiko loKlebe, lo mlisa usolwa ngokuba ngumholi wemigulukudu eyeba amaveni ohlobo lweFord Ranger esitolo sezimoto ePhalaborwa ngoDisemba 2017.

OLUNYE UDABA:Buka: Kubambana iphoyisa nomshayeli 'ngamawashingi'

"UTsununu Ahmad Maphosa, 31, kanye noMpho Dzwuguda, 26, okukholakala ukuthi bangamalungu eqembu lezigebengu baboshwa ngoJanuwari babekwa amacala okutholakala nezimoto ezebiwe.

"UDzwuguda wathola ibheyili ka-R3 000 kanti uMaphosa uzogqunywa esitokisini kuze kuqulwe icala ngomhlaka-2 Meyi 2018," kusho uMaluleke.

Uthi kwatholakala amaveni amahlanu kwawayisithupha ebiwa. La maveni atholakale eLimpopo ngaseBeitbridge engakawuweli umngcele.

Lo msolwa uzovela naseNkatolo kaMantshi eMasisi ngamacala okugebega ibhizinisi namanye okweba izimoto.

UMaluleke uthe uphenyo lusaqhubeka kanti futhi kusazoboshwa nabanye abasolwa.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.