Kubanjwe ungqondongqondo woduna izimoto eMpangeni

2017-01-29 15:02

Durban - Abaseshi besifunda iKing Cetshwayo Cluster baphume umkhankaso wokuthungatha izigebengu ngoLwesihlanu.

Lokhu kulandela ukulunywa indlebe ngesigameko sokudunwa kwezimoto zikahulumeni kule ndawo.

Amaphoyisa athathele endaweni yaseDumisani Makhaye lapho abone khona iveni lohlobo lwe-Isuzu Double Cab elifana ncamashi naleli okubikwe ukuthi liduniwe.

OLUNYE UDABA:Uzibhunyelwe ngotelu enzela ukungabambeki ebaleka

Kutholakale amadoda amathathu kuleli veni, kanti ngesikhathi amaphoyisa ebasesha, batholakale nezibhamu ezintathu nezinhlamvu.

Oyedwa walaba basolwa uyisigebengu esasikade sifunelwa amacala okuduna.

Baboshwe bobathathu laba basolwa kanti izibhamu ezitholakale kubo zizohlolwa kuze kubonakale uma zike zasetshenziselwa ubugebengu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.