Kusabalale i-video kathisha eshaya abafundi ekilasini

2017-08-02 16:00

Johannesburg - Sekusabalale i-video entsha ezinkundleni zokuxhumana etshengisa uthisha esebenzisa indlela yakudala yokujezisa abafundi esikoleni.

Le video ithathwe ngomunye wabafundi esikoleni iSt Marks International eMbombela, eMpumalanga.

Kule video kubonakala uthisha eshaya abafana abane ekilasini, ebabizela ngamunye phambili ngaphambi kokubashaya ngenduku.

Abanye abafundi bezwakala bechwaza ngemuva ngesikhathi umfundi ngamunye kulaba ababizelwe phambili beshaywa.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababambe uthisha ngesethoyizi

Le ndlela yokujezisa abafundi ayisavumelekile njengoba umthetho i-Abolition of Corporal Punishment Act waphasiswa ePhalamende eminyakeni engu-20 eyedlule. Kodwa iningi lothisha ezweni lisakwenza lokhu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eMpumalanga, uJasper Zwane, uthe bayazi ngale video.

Uphinde wathi isigameko siyaphenywa.

"UMnyango usuyibonile i-video ezungeza kwezokuxhumana kanti ukhathazekile ngayo. Lesi sikole esizimele sisibhalele incwadi sicela umbiko ophelele ochaza ngokuthi uzobhekana nalolu daba lwalo thisha," usho njalo.

"UMnyango ugqugquzela abafundi, abazali nezakhamuzi ukuba zibike ngalezi zigameko uma zenzeka."

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.