Kube muncu kushona umlingisi belingisa ngokudubulana

2017-01-23 11:31

Sydney – Amaphoyisa athi kushone umlingisi ngesikhathi belingisa umdlalo onesiqephu zokudubulana nobekuyingxenye ye-music video yeqembu lomculo lase-Australia.

Iphoyisa laseQueensland, e-Australia, u-Inspector Tom Armitt, uthi lo mlingisi wesilisa ushonele endaweni yokucima ukoma edolobheni iBrisbane ngesikhathi kushuthwa isiqephu esibandakanya izibhamu eziningi.

Unqabile ukudalula igama leqembu lomculo, yize noma ekuqinisekisile ukuthi ngelase-Australia.

OLUNYE UDABA: Kudubuleke isigebengu ezinqeni

Ngesikhathi kwenziwa lesi siqephu, abalingisi abaningi bebedubula ngezibhamu zabo nokuyilapho lo mlingisi eye wadubuleka khona esifubeni. Akekho omunye olimalile.

U-Armitt uthi okwamanje akukacaci noma lezi zibhamu bezihlonywe ngezinhlamvu zangempela yini noma bezifakwe amagobolondo ezinhlamvu asebenzisa impushana efakwa ezinhlamvini zangempela kodwa angesizona izinhlamvu zangempela.

Lezi zinhlamvu okungesizona zangempela, nezaziwa ngama-blanks, zingadala ukulimala uma ngabe lo odubulayo edubula eseduzane.

Amaphoyisa awakalidaluli igama lalo mlingisi oshonile. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.