Kube nesiminyaminya kuM1 kushayisana izimoto zamalambu aluhlaza

2017-08-17 11:01

Johannesburg - Kulimale umuntu oyedwa ngesikhathi izimoto zamalambu aluhlaza (ama-blue light) zibandakanyeka engozini ku-M1 South eduzane nakuMarlboro Drive, ngoLwesine ekuseni, kwadaleka isiminyaminya emgwaqeni.

Kuvalwe imigwaqo emibili kuthelawayeka, kusho okhulumela amaphoyisa omgwaqo eGoli uChief Superintendent Wyne Minnaar.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo uthe le ngozi yenzeke ngezithuba zabo-05:40 eduzane nasemgwaqeni ochezukela kuMarlboro Road.

OLUNYE UDABA:Isiphelile indaba yama-blue light eTshwane - Msimanga

"Kubandakanyeke izimoto zamalambu aluhlaza engozini ngesikhathi zisendleleni ziyolanda isikhulu esithile. Kulezi zimoto bekungekho nesisodwa isikhulu ngesikhathi kwenzeka ingozi kanti futhi azikho ezinye izimoto ezibandakanyeke kule ngozi," kusho uNaidoo.

"Kusolwa ukuthi itekisi livele langenela lezi zimoto ngaphambili kwaphoqa ukuthi umshayeli obehola lezi ezinye izimoto abhuleke kungalindelekile.

"Lokhu kuholele ekutheni izimoto ebezilandela ngemuva zishayisane. Kulimale ilungu lamaphoyisa elilodwa, leli lungu liphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulensi. Akwaziwa ukuthi lilimale kangakanani."

UM1 ungomunye yemigwaqo ematasa kakhulu kuleli dolobha.

 - Twitter:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.