Kube ngenyantisa igazi itekisi likhafula abagibeli ishayisana neloli

2016-12-11 15:03

Bloemfontein - Kushone abantu abane kwalimala abangu-18 ngesikhathi kushayisana iloli netekisi ku-N1 ngaseBloemfontein.

Le ngozi yenzeke ngoMgqibelo ebusuku kanti ngokusho kwabisizo lokuqala kutholakale ababili bedindilizile

“ Ngeshwa kutholakale ababili etekisini sebeshonile kanti abanye ababili abashonile kuthiwa bakha fulwe itekisi ngesikhathi kwenzeka ingozi,” kusho uChitra Bodasing-Harduth wabosizo lokuqala.

Oyedwa kwabangu-18 abalimele ubelimele kakhulu, kanti bonke baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukahlukene.

OLUNYE UDABA:Kushone umgibeli kudutshulwa itekisi eGoli

EColenso, Kushone oyedwa kwalimala kabi omunye ngesikhathi iveni abebehamba ngalo lishayisa kumgwaqo uR103.

Kukholakala ukuthi umshayeli waleli veni uhlulekile ukulilawula laphaphalaza lashayisa isihlahla.

“Kutholakale owesilisa elele eduze kwemoto esesimweni esibucayi, isimo sakhe besisibi kangangokuthi ubelokhu equleka enjeleni eya esibhedlela sizama ukumvusa. Ekugcineni uquleke wangavuka,”kusho abosizo lokuqala.

Umshayeli weveni ubevaleleke phakathi, yize isimo sakhe besisibi, ufike esibhedlela esaphila, kubika iNewswatch.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.