Kube ongaphansi nongaphezulu imigulukudu ihlaselana esibhedlela eGoli

2018-02-20 18:01

EGoli - Impi yamaqembu amabili emigulukudu iqale ekilabhini, yize besekugwazwe abantu ababili ngamabhodlela aphukile, laba abebelwa bakhishelwa ngaphandle kwekilabhu.

Impi ibhebhetheke kakhulu sebengaphandle kwaze kwalamula amaphoyisa.

Akubanga wukuphela kokuklwebhana njengoba le mpi iqhubeke yaze yafika esibhedlela.

Abasebenzi basesibhedlela abebethukile babaleke bacasha besabela impilo yabo ngesikhathi sekufika le migulukudu yaphinde yasusa umsindo futhi esibhedlela.

Odokotela kanye nabahlengikazi babaleke bashiya iziguli nazo eziswele umgodi wokucasha, ngesikhathi kuhlaselwana esibhedlela.

Kusizile ukufika kwamaphoyisa ngokuphazima kweso kwaboshwa abasolwa ababili ngecala lokuzama ukubulala.

OLUNYE UDABA:Udutshulwe wabulwawa oweqe esitokisini eLimpopo

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Eddie Boboko uthe impi iqale ngesikhathi amaqembu amabili emigulukudu azibiza ngamaVandals kanye namaDelta belwe ekilabhini, iCheza, eCarltonville, eGauteng, ngoMgqibelo ebusuku.

“Ngesikhathi kufika amaphoyisa, onogada bakule ndawo bese bebakhiphele ngaphandle abalwayo. Laba bafike bashayana ngamatshe nangezinduku ngaphandle kwaze kwalamuma amaphoyisa ebahlakaza ngenhlamvu yenjoloba," kusho yena.

UBoboko uthi ilungu lamaDelta elilimalile lihanjiswe ngamadoda angu-15 esibhedlela saseCarletonville.

"Kodwa balandelwe ngamadoda angu-18 ayingxenye yamaVandals afika esibhedlela ahlasela laba abanye. Ngesikhathi kuliwa, kugwazwe ababili bamaDelta. Amaphoyisa afike engasabonwa la madoda." 

Uthi amaphoyisa akwazile ukubamba amalungu amabili amaVandals aseminyakeni eko-20 ubudala, abekwa amacala okuzama ukubulala, kanti kusathungathwa abanye abasolwa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

LOL! 13 guilty dogs and their crimes

Lipstick, glitter, vacuum cleaners and even other pets, nothing is sacred or out of bounds for these naughty animals! Here are 13 of the best named and shamed viral pet pics.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.