Kubhede uhlelo lukamasipala KwaDukuza uthishanhloko eveza amahlazo

2018-02-05 16:02

kwaDukuza - Lushintshe lwamuncu uhlelo lukamasipala lokunikezwa kwabafundi umfaniswano wesikole ngemuva kokuba uthishanhloko aveze amahlazo.

Lo thishanhloko ogamalakhe nguZodwa Mpanza kanye nothisha besikole iNew Guelder Land Combined School, bekhale ngesimo esengesihle abafundisa ngaphansi kwaso.

Ezinye zezinto abakhale ngazo ukushoda kothisha, ukunganakekelwa kwesikole njengoba amagumbi amaningi ephihlike amawindi amanye engenazo izicabha, ungabibikho kukagesi kanye nezinsiza zokufunda.

“Isimo othisha abafundisa ngaphansi kwaso asisihle kahle, kunzima ukufundisa njengoba nogesi singenawo. Ziningi izinto engabe siyakwazi ukuzibonisa abafundi ezisebenza ngogesi, kodwa asikwazi. Asikwazi ngisho uku-printer amaphepha uma sifuna ukubabhalisa izivivinyo, ngenxa kagesi ama-computer aphenduke umhlobiso," kusho uMpanza.

“Sesiwubhalelile uMnyango wezeMfundo ukuze ukwazi ukungenelela lapho ungasiza khona, sishoda ngisho nangothisha. Besinawo amavolontiya kodwa nawo agcine engakwazanga ukumelana nalesi simo okudale ukuthi ahambe njengoba ebengatholi ngisho isenti elimnyama leli.” kuqhubeka uMpanza.

OLUNYE UDABA:Ishonile indoda eminze edamini 'ihamba nabazalwane'

Bangu-8 othisha abafundisa kulesi sikole kanti abafundi babalelwa ku-217.

Omunye wothisha ongagunyaziwe ukuthi akhulume nabezindaba uthi yena ugcina esefundisa amakilasi amane, nokunguGrade-1, 2, 3 no-4.

Konke lokhu kuvele ngesikhathi uMasipala waKwaDukuza eqhuba umkhankaso wokuhambela izikole ezahlukene ukunikela ngomfaniswano wesikole kubafundi.

Lo mkhankaso owaziwa ngeDress A Child Campaign, uzophela ngoLwesithathu ngomhlaka-7 kwephezulu.

USomlomo kaMasipala waKwaDukuza, uPhumlile Zulu, uthe bazongenelela njengoba bezojuba ithimba ukuze lizobheka ukuthi ugesi bangawulungisa kanjani kulesi sikole ukuze bakwazi ukuwusebenzisa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe noma izikhalo zingakafiki kubona, kodwa bazozama ukungenelela babheke lapho abangasiza khona.

“Akumele ukuthi isikole sibe kuleso simo, sizozama ukungenelela sibheke umonakalo ukuthi mngakanani,” kuphetha uMthethwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.