Kubhikishe umphakathi ngesikole esishoda ngamakilasi eLimpopo

2017-05-17 18:01

Johannesburg - Amalungu omphakathi waseLimpopo ababuthanele ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo esifundazweni ngoLwesithathu efuna kufakwe amanye amakilasi esikoleni sendawo.

Isikole samabanga aphezulu iMahwetse High esiseGaMasemola Village ngaphandle kwaseSekhukhune, kuzwakale ukuthi sithwele kanzima njengoba sekuphele iminyaka engu-15 sinamakilasi amancane, abafundi abampintshana kuwo.

Isikole sinabafundi abangu-836 namakilasi angu-8.

Abanye abazali abebekule mashi bebephethe izingqwembe ebezinombhalo ofundeka kanje "Sekwanele! Sidinga amakilasi".

Omunye wabazali okhathazekile, uLesheleba Bapela, ufunde incwadi yezikhalo ebhalelwe uMyango kanye nehhovisi likaNdunankulu ePolokwane.

UBapela uthe sebekhathele ukubukela izingane zabo zilayishwe emakilasini sengathi amasadini.

OLUNYE UDABA: Kubhikishe abazali bezingane ezishonile

Uthe lolu daba kudala labikelwa uMnyango, kusukela ngo-1998 kodwa alukho ushintsho.

"Sidumele ngokuthi uMnyango awuzimisele ngokulalela izikhalo zethu," kusho uBapela.

Uthe kunokuba kwakhiwe amanye amakilasi, uMnyango wabakhela amanye amathoyilethi abangawadingi.

Lezi zikhalo zamukelwa yiNhloko yoMnyango, uBeauty Muthaiwana.

UMuthaiwana uqinisekise abazali abebemasha ukuthi uMnyango uzobuyela kubo ngaphambi komhlaka-5 Juni nezimpendulo.


- TMG Digital/SowetanLIVE

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.