Ukuwa kwenye, wukuvuka kwenye - Injabulo ibuzwa kuSomizi namuhla

2017-08-04 19:35

Durban - Isiphenduke insalavukela eyosaziwayo ababhala izincwadi mayelana nempilo yabo, kanjalo nokwenza izinhlelo zakumabonakude eziveza indlela abaphila ngayo.

Kulokhu, kutanasa osaziwayo ababengabangani futhi abenza umsebenzi ofanayo wokwethula izinhlelo uSomizi Mhlongo noBonang Matheba.

Ekuqaleni kwaleli sonto uBonang ubehamba yedwa ezitolo zakwa-Exclusive Books incwadi yakhe kuyiyona ehola ezinye ngokuhamba phambili.

USomizi uthathele ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi incwadi yakhe ethi, Dominoes: Unbreakable spirit sekuyiyona ehamba phambili.

Lo saziwayo ubematasa usuku lonke efaka ngisho namavideo esesitolo.

Incwadi kaBonang ibiyenza kahle kakhulu ngaphambi kokuvela kohide lwamaphutha.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: IsiNgisi dololo encwadini kaBonang

Abantu bebevutha bengabaselwe becikwa wukuthi incwadi kaBonang ethi, From A to B, ibingahleliwe.

Lokhu kuphendule lo saziwayo inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana kanti kubonakala sengathi noSomizi uke wagadla kule ntokazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.