Kubhimbe uhlelo, izigebengu ezingu-5 zathola umakhalekhukhwini owodwa nje vo

2017-10-04 08:17

Cape Town - Ukubhuntsha kwesigameko sokubamba inkunzi isitolo somakhalekhukhwini eKenilworth Shopping Centre, eKapa, ngoLwesibili kuphethe ngokuthi izigebengu eziyisihlanu ebezihlomile ziphume nomakhalekhukhwini owodwa vo.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape, uLieutenant-Colonel Andre Traut, uqinisekisile ukuthi izigebengu eziyisihlanu zingene esitolo esidayisa amaselula, okukholakala ukuthi ngesakwaTelkom kule nxanxathela yezitolo, ngenhloso yokusigebenga.

"Abasolwa babaleke endaweni yesigameko bephethe umakhalekhukhwini owodwa vo, nawo abawuphuce ikhasimende," esho.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe inkunzi esinye isitolo samaselula eThekwini

UTraut uthe akuzange kuqhume sibhamu kulesi sehlakalo futhi akuzange kulimale muntu, yize imibiko ezinkundleni zokuxhumana ibisho okunye.

"Kuyaphenywa ngalesi sehlakalo kanti okwamanje bekungakaboshwa muntu," esho.

NgoJuni, kwagetshengwa isitolo sakwa-MTN kule nxanxathela yezitolo, kwathi ngo-Agasti abasolwa abahlanu baphanga isitolo sakwaTelkom.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.