Kubhimbe uhlelo ngezinguquko zoKhozi FM

2018-04-04 17:59

eGoli - Kuqubuke indida ngokungabibikho kohlelo lwezindaba oKhozini FM Abasiki Bebunda ngoLwesihlanu kulandela ukungalubhadi emsebenzini kobekumele alushayele lolu hlelo.

Lokhu kuholele ekutheni abasakazi bohlelo lwantambama iWoza Nabangani Bakho uTshatha Ngobe kanye noSelby Mkhize baqhubeke nohlelo kuze kushaye ihora lesikhombisa.

Uhlelo Abasiki Bebunda lungena phakathi kwehora lesithupha kuya kwelesikhombisa kusihlwa phakathi nezinsuku.

ILANGA langeSonto lithole ukuthi uTshatha noSelby bekuduma upotiyane kubona ngokwkenzekayo njengoba nezinkulumo zabo emoyeni bezizwakala ukuthi nabo badidekile.

OLUNYE UDABA: Ukhozi FM "lulaxaze" umcimbi kaMroza

Ngokwemigomo yezokusakaza, abasakazi abakwazi ukuphuma emoyeni uma kungakangeni owenza uhlelo olulandelayo.

Umthombo waleli phephandaba uthi loli hlelo bekumele lushayelwe wuTusokwakhe Mhlaba kanti ugcine engatholakali nasocingweni lwakhe ngesikhathi bezama ukumthola.

"Kuvamise ukuthi uma kuyiholide lube lodwa uhlelo lwezindaba kodwa ngoLwesihlanu kugcine kungaxhunyanwanga kahle ukuthi kuzokwenzeka kanjani.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.