Kubhiyoze abafundi kumiswa uthisha 'oyibhubesi'

2017-08-29 14:01

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi abafundi besikole esiseMlazi lapho okumiswe khona isekela likathishanhloko ngokushaya abafundi bazolulekwa ngokwengqondo.

ISekela likaThishanhloko wesikole i-Okumhlophe Secondary limiswe ngoMsombuluko ngemuva kokusabalala kwe-video eliveza lishaya liphindelela umfundi emhlane ngomshiza.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni uthisha obhaxabule abafundi

AboMnyango bathi bashaqekile ngokuzwa uthisha osezingeni eliphezulu, okumele engabe wazi kangcono ngomthetho, ebandakanyeka esigamekweni esifana nalesi.

Okhulumela uMnyango, uKwazi Mthethwa uthe: "Ngimangele izingane zesikoleni zishaya ihlombe ngesikhathi zizwa ngokumiswa kwaleli sekela likathishanhloko. Bezijabula. Ngakho kuyabonakala ukuthi ubeyibhubesi. Izingane bezihlezi nebhubesi."

Kule video eputshukile kubonakala uthisha ebhambabula umfundi, abanye abafundi bemi ulayini belindele ukuyoshaywa nabo.

Kule video uthisha uqala ngomfundi ongumfana amshaye emhlane kuhlekwe bese kuba ngumfundi oyintombazane obonakala ekhala ubungqayingqayi ebhambabulwa emhlane.

Uthisha uyezwakala ebuza ukuthi amshaye kanjani lo mfundi uma elokhu enyakaza ngoba uzolimala, asho aqhubeke asithele isibhaxu kaningi uthisha.

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.