Kubhiyoze abashayeli kushona usomatekisi obeyiphoyisa eKZN

2016-04-27 07:31

Durban - Iphoyisa ebelingusomatekisi libulewe eMbumbulu ogwini oluseningizimu nesifundazwe saKwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe esifundazweni uLieutenant Simphiwe Mhlongo uthe uWarrant Officer Andries 'Boy' Zungu ubehamba ngemoto engamakiwe ngesikhathi ehlaselwa yiqembu lamadoda.

UZungu uzamile ukuhamba ngesivinini ebaleka kodwa wahluleka ukuyilawula imoto yaginqika.

OLUNYE UDABA: Kushone usomatekisi oshaywe ngequpha kuxatshanwa

Kubikwa ukuthi uZungu ubephinde abenguSihlalo wenhlangano yamatekisi aseMbumbulu.

ISolezwe libike ukuthi uZungu ubehamba ku-R603 eMbumbulu ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda abehamba ngemoto engaziwa.

Isidumbu sakhe sibambeke ngaphakathi emotweni amahora amahlanu.

Osebenza noMhlongo ongafunanga kudalulwe igama lakhe uthe kusetshenziswe izinsimbi ukutakula uZungu.

"Silusizi ngoba ubewusizo emphakathini. Kubuhlungu ukubona izingane zakhe zibona isidumbu sikayise. Ubuzibona nje izingane ukuthi azimnandi neze," usho njalo equba ngokuthi kunzima ukwamukela isimo kunkosikazi wakhe.

Ngokusho kweSolezwe abanye abashayeli benhlangano bebebhiyoza isinyenyela ngokudlula kukaZungu ngoba kuzwakale ukuthi ubephethe ngesandla senzimbi, kubika iThe Mercury.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.