Kubhiyoze umphakathi enqatshelwa ibheyili usomatekisi

2016-07-20 12:32

Johannesburg - Kujabule amalungu omphakathi ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yaseMthatha imnqabela ibheyili usomatekisi osolwa ngokubulala umsizini womshayeli wamatekisi.

ULulamile Ntukwana,41, usolwa ngokudubula abulala uSihle Mnto,22, ‘ongusicabha wetekisi’.

Isehlakalo senzeka eCircus Triangle Taxi Rank ngoMeyi.

Umbuso utshele inkantolo ukuthi umpilo yomsolwa isebungozini njengoba efunwa wumphakathi, kanjalo neyofakazi isebungozini.

Funda nalolu daba: I-ANC igxeke ukuxoshw akwezintatheli eSABC

Ummeli womsolwa, uNtuthuzelo Nolangeni, uthe udaba lwekhasimende lakhe luhlukile ngenxa yokuthi kwesinye isikhathi liphathwa yikhanda libuye libenesifo sokuwa.

Kodwa umshushisi, uZuko Mvulane, ukuphikile lokhu.

Oklebe bambambe ngenyanga edlule uNtukwana eGxulu Village, kanti ngaphambi kokuba aboshwe waya eThekwini naseGoli ebalekela amaphoyisa.

Umsolwa uzophinde avele enkantolo ngo-Agasti 19.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.