Kubi embangweni wesidumbu sikamakoti 'owabanjwa ephinga'

2017-10-26 12:28

Durban - Ubhekene ngeziqu zamehlo nabasekhweni owesilisa waseBonela, eThekwini embangweni wesidumbu senkosikazi yakhe okuvela ukuthi ubesezinhlelweni zokuyidivosa njengoba ebesebuyisele nebhokisi lomshado kubo kwenkosikazi.

USergeant Nonhlanhla Masondo, uMaNdlovu, udutshulwe wabulawa ngabasolwa abangaziwa eBonela esesitobhini elibangise emsebenzini.

Kuthiwa abasolwa bathathe isikhwama nesibhamu somsebenzi qede bashaya bachitha. 

ILANGA lithole ukuthi umufi ushona nje, ubengasabhekani nomyeni wakhe, uNtokozo Masondo, sekuphele iminyaka behlala ngokwehlukana.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu kubangwa intombi

Kuthiwa ubudlelwano babo besebungasekho njengoba besebelinde usuku lokuya enkantolo kuyodatshulwa incwadi yomshado.

Kuthiwa uMasondo ubuyisele ibhokisi lomshado kwaNdlovu, eKamberg, entshonalanga yeKwaZulu-Natal ekuqaleni konyaka watshela abasekhweni ukuthi akasayidingi indodakazi yabo empilweni yakhe.

Kuthiwa ukungezwani phakathi kwalaba bese kukubi ngendlela eyisimanga njengoba umufi ubesefune incwadi eyisivimbelo senkantolo ukuze umyeni wakhe angasondeli eduze kwakhe, ILANGA linayo ikhophi yayo.

Kule ncwadi umufi ubekhala ngokuhlukunyezwa ngumnyeni wakhe. ILANGA lithole ukuthi ngemuva kwesigameko sokubulawa kukaSergeant Masondo, umndeni wakubo nokaMasondo isihlukene phakathi njengoba owakwaNdlovu ufuna ukuzingcwabela isidumbu sendodakazi yawo njengoba uthi umufi ubesehlukene nomyeni wakhe futhi besezinhlelweni zesehlukaniso. 

USihle Mweli okhulumela umndeni wakwaNdlovu, ukuqinisekisile ukuthi laba bese besezinhlelweni zokwehlukanisa, bese kulindwe usuku.

Uthi bakhathazekile ngesenzo sikaMasondo sokufuna ukubaphuca umufi ekubeni ubekubeke kwacaca ukuthi akasamfuni, waze wabuyisa nebhokisi.

Utshele ILANGA ukuthi lokhu bakusho ngoba ukubuyisa kwakhe ibhokisi lomshado kuwuphawu lokuphela komshado ngokwesintu.

"Isimo sibi lapha ekhaya, selokhu kushone uNonhlanhla. Umbiko siwuthole ngelanga ashone ngalo ukuthi uhlaselwe ngamadoda angaziwa amdubula. Okusithuse kakhulu wukuthi umkhwenyana uvele wasitshela ukuthi uzozingcwabela inkosikazi yakhe. 

"Lokhu kuyasikhathaza ngoba bese behlukene futhi besezinhlelweni zokufaka isehlukaniso. Akagcinanga lapho, ubuyisele nebhokisi lomshado ekhaya wakubeka kwacaca ukuthi akasamufuni uNonhlanhla emzini wakhe futhi bayehlukanisa. Umbuzo esinawo uthi kungani manje esesha amashushu efuna ukumngcwaba. Esikufunayo nje thina wukuthi sizingcwabele isidumbu sethu," kusho uMweli.

USduduzo Ntombela ongumshana kamufi, uhambe emazwini kaMweli wathi bahlela ukuthi kumiswe umngcwabo uma begcina bengasitholi isidumbu ngoba uMasondo ubesehlala nomunye umuntu wesifazane.

"Sekuneminyaka awushiya umndeni wakhe wayohlala eGoli futhi emhlukumeza ubabekazi. Kasinandaba thina nemali, esikufunayo nje wukuthi sizingcwabele ubabekazi ngesizotha ngoba ubesevele eselahliwe engesenandoda.

"Kubuhlungu uma ngibona isimo akusona ugogo ozala ubabekazi. Kasazi ukuthi inhloso yakhe yini uMasondo njengoba ayekubeke kwacaca ukuthi akasamufuni kwakhe ngoba emsola ngokuthi uyamjolela.

"Kwakhona lokho akazanga ekhaya ezokuxoxa kodwa uvele wathi akasamufuni. Kungani manje esefuna ukumngcwaba ekubeni ubesehlukanisa naye?" kusho yena.

ILANGA lishayele uMasondo ocele ukungaphawuli wacela ukuba kushayelwe umfowabo, uSfiso Masondo, okunguyena okhulumela umndeni.

USfiso uvumile ukuthi kuke kwaba nokungaboni ngasolinye phakathi kwemindeni yomibili, kubangwa isidumbu.

Uvumile ukuthi umfowabo ubuyisele ibhokisi lomshado kwaNdlovu ngemuva kokubamba inkosikazi yakhe ukuthi isiqomile.

Uthi umfowabo unobufakazi obuqanda ikhanda bezithombe zenkosikazi yakhe ukuthi ibijola.

"Kuyiqiniso, salibuyisela emuva ibhokisi kwaNdlovu ekuqaleni konyaka ngoba umfowethu edinwa wukuthi abakwaNdlovu kabafuni kuhlalwe kukhulunywe into abekhala ngayo - indaba yokuthi indodakazi yabo uyibambe ukuthi isiqomile.

"Ulibuyisele ibhokisi emuva ngoba ubefuna ukucacisela abakwaNdlovu ukuthi uma kwenzeka noma yini endodakazini yabo, bazi ukuthi kayisekho ezandleni zakhe.

"Okwenza umfowethu afune ukuzingcwabela inkosikazi yakhe, wukuthi abakwaNdlovu kabazange bayilande kwaMasondo yize esebacacisele ukuthi akasayidingi kodwa baqhubeka bayiyeka yahlala khona.

"UNonhlanhla uqhubekile wahlala kwaMasondo emzini kamfowethu yize bese bexabene. Bahlulekile wukumlanda esaphila bambuyisele kwaNdlovu, sebefuna ukumlanda manje ngoba esefile, ngeke sikuvume lokho," kusho yena.

Uvumile ukuthi bese ziqalile izinhlelo zokuthi badabule incwadi yomshado. Uthi isehlukaniso sifakwe ngumfowabo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa enza uphenyo ngokubulawa kukaSergeant Masondo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.