Kubi kodlwengulwe wahushulwa amathumbu eNanda

2017-07-31 16:02

Durban - Kwembulwa kwembeswa esibhedlela kowesifazane waseNgoqokazi, eNanda, enyakatho yeTheku, odlwengulwe maqede wahushulwa amathumbu esithweni sangasese ngeledlule.

Umphakathi wakule ndawo usababaza namanje ngenxa yesihluku esenziwe ngowesilisa okuvele ukuthi uke wathandana nalona wesifazane, igama lakhe eligodliwe ukumvikela. 

Umsolwa kuthiwa udlwengule lona wesifazane maqede wafaka isandla esithweni sangasese wamhushula amathumbu, wamshiya ethi ufile.

OLUNYE UDABA: 'Ngikuthokozelile ukudlwengulwa yisimomondiya'

Abazibonele isimo lona wesifazane abekusona muva kokugilwa ngumsolwa, kabawuvali umlomo ngesimo esinyantisa igazi abathi lona wesifazane utholwe ekusona.

Umthombo weLANGA uthi uyacabanga ukuthi umsolwa ushiye lona wesifazane ezitshela ukuthi umbulele.

"Lona wesifazane ubuye ebusuku ngoLwesibili kodwa-ke kasazi ukuthi umsolwa ungene kanjani endlini. Kuthe ekuseni omunye womakhelwane eyobheka lona wesifazane, wazithela phezu kwakhe elele edanyini legazi, amathumbu ehleli ngaphandle. Yize ebelimele kanzima kodwa ubesaphefumula futhi esakwazi nokuzikhulumela. 

"Kube sekushayelwa amaphoyisa ngenhlanhla afika ngokushesha esaphila kwabe sekufika abezimo eziphuthumayo," kusho umthombo ocele intatheli ukuba ingalinge iwudalule.

Uthi uyacabanga ukuthi intombazane iwatshelile amaphoyisa ukuthi ngubani oyenze le nto eyesabeka kanje ngoba ibisakwazi ukukhuluma.

Umthombo utshele ILANGA ukuthi umsolwa ubanjwe ngamaphoyisa naye ezenza umuntu oyobuka lesi sigameko.

"Kangisazi isihluku esinjena, amaphoyisa akwazile ukumthola umsolwa ngoba naye ubekade ekhona ezobuka njengawo wonke amalungu omphakathi abekhona. Indlela elimale ngayo le ntombazane, kangazi ukuthi isinde kanjani," kusho umthombo.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.