Kubi kodutshulwe ekhanda kuphangwa isitolo

2017-10-13 19:34

Johannesburg – Owesilisa oneminyaka engu-37 ubudala usesimweni esibucayi kulandela ukuthi edutshulwe ekhanda ngesikhathi kuphangwa isitolo eFordsburg, eGoli, ngoLwesihlanu ekuseni.

Le ndoda itholakale ilele ngaphandle kwalesi sitolo esincane, kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, uRussel Meiring.

Uthe kudingeke ukuthi basebenzise imishini ukumhlenga ngaphambi kokumphuthumisa esibhedlela esizimele esiseduzane.

"Kukholakala ukuthi kungene oshayasibhamu okungaziwa ukuthi bebebangakhi kulesi sitolo, base beyamhlasela," kusho uMeiring.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela uthe bathungatha abasolwa abane abahlomile. "Babaleke nesamba semali esingadalulwanga, behamba ngemoto emhlophe yakwaChevrolet," kusho uMakhubela.

IZITHOMBE: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.