Kubi kwabashelwe yimijondolo kuqubuka umlilo

2017-07-31 13:59

Cape Town - Kusale dengwane abantu abangaphezu kwabangu-100 ngeSonto ekuseni ngesikhathi kusha imijondolo engu-30 eSweet Home, ePhilippi, kubika iGroundUp.

U-Oubas Vellem, 49, uthole ukusho ebusweni nasesandleni ngesikhathi ezama ukusindisa impahla yakhe ekutheni ingashi. Akucaci ukuthi kube yini imbangela yomlilo, lokhu kungokusho kwesitatimende soMkhandlu waseKapa.

"Ngesikhathi ngibona ukuthi umjondolo oseceleni kowami uyashwa, ngibe sengigijima ngiphuma, ngazama nokuwudushela phansi kodwa ngahluleka. Imijondolo isondeleke kakhulu," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kusale dengwane abantu abangu-600 kusha imijondolo eKapa

UVellem, ongasebenzi, uthe ulahlekelwe wumbhede, isitofu kanye nempahla yokugqoka kuleli langabi kanti amasenti uwathola ngokuqoqa udoti aphinde awudayise.

Ngesikhathi iGroundUp, ivakashele kule ndawo, uVellem ubeseqalile ukwakha umjondolo wakhe kanye nabanye omakhelwane bakhe.

UMthabisene Stafane, ongumnikazi womjondolo okukholakala ukuthi kuqale khona ukusha, uthe ubengekho ekhaya ngesikhathi kuqala umlilo.

"Ngesikhathi kuqala umlilo, akukho ebengingakwazi ukukwenza. Ngivele ngama ngabuka umjondolo ulala phansi," usho njalo.

UStafane, uthe ulahlekelwe wumabonakude, imibhede emibili, izicathulo nempahla yokugqoka.

Esinye isakhamuzi, uYoliswa Madwara, sithe: "Sizamile ukubhula ilangabi sikha amanzi ngamabhakede kodwa sahluleka. Ompompi bakude nathi futhi nezindlela yokudlula phakathi kwemijondolo zincane okwenze singakwazi ukufinyelela kompompi ngokushesha."

 - GroundUp

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.