Kubikwa ukuthi akumphathanga kahle uBabes Wodumo ukungawini kuma-Metro

2017-03-05 09:01

Durban - Kubikwa ukuthi wakhala wezimathonsi uBabes Wodumo ogama lakhe lokuzalwa nguBongekile Simelane emcimbini wamaMetro FM Awards.

Imithombo yephephandaba iSunday Sun ithi iQueen of Gqom ayikwazanga nokuzibamba kulo mcimbi yavele yakhihla esikaNandi ngesikhathi sekumenyezelwa indondo yokugcina nayo eyayiqokelwe kuyo.

Umthombo wokuqala uthe uBabes Wodumo nabadansi bakhe wathuliswa abasebenzi baseDurban ICC, kuthiwa izinyembezi zazizehlela kubo bonke.

OLUNYE UDABA: Iqembu lomculo lihoxe kumaMetro FM Awards

"Akakholwanga ukuthi ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla akuzange kubonakale. Iculo lakhe lalidlalwa mihla namalanga emsakazweni iMetro FM kodwa akazange aze awine ngisho neyodwa indondo.

"Asimusoli ngokukhala kwakhe, abanalo iqiniso," kusho umthombo.

Omuny umthombo uthe: "Wayehayiza! ekhala ezimathonsi ethi akusikho okokuqala 'ephucwa isinkwa emlonyeni'.

"UBabes uthe ngonyaka odlule kwenzeka esifanayo ngesikhathi iSong of the Year ithathwa umcul kamasikandi uMroza Fakude.

"Ubencinzwe indlebe ukuthi izinto zingase ziguquke kumaMetro FM  kodwa kwangenzeka lutho."

Umthombo wesithathu uthe: " UBabes uthe akafuni lutho ezomhlanganisa nemcimbi ye-ANC kanye neMabala Noise ngoba bahluleka ukumbonga. Wayelokhu ethi "Bagwazile laba, ayikho lento abayenzayo"."

UBabes wayeqokelwe imikhakha emine kulaMetro FM Awards: Yi-Song of the Year, yi-Best Female Album, yi-Best Dance ASlbum nowe-Best New Artist.

Ngesikhathi abeSunday Sun bethinta uBabes ngodaba unqabile ukuphawula wabadlulisela kwimenenja yakhe uMelody Mhlongo.

UMelody ebuzwa ngodaba ucele ukuba athunyelelwe i-email kodwa ubengakayiphenduli kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.