Kubikwa ukuthi i-Ajax ifuna u-R10m ngogaqelwe yiChiefs

2017-05-22 12:29

Durban - Zikuvuthondaba izingxoxo phakathi kweKaizer Chiefs ne-Ajax Cape Town njengoba iziMpofana kuvela ukuthi zifuna isitobha sayo.

IChiefs ayizange ibenesizini enhle njengoba izophela ingazange ithathe nesisodwa isicoco. Isijonjwe ngamasizini amabili inganqobi nkomishi.

UKaizer Motaung onguSihlalo weChiefs, ukhale ngodonga lwasemuva wathi yilo olubenzele ophansi.  Uveze ukuthi noma kanjani bazolufakela izibuko.

Iphephandaba ILANGA lihletshelwe yimithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi ixoxa ne-Ajax ukuba ibadedelele uRivaldo Coetzee odlala emuva kule kilabhu nakwiBafana Bafana.

OLUNYE UDABA: I-Orlando Pirates isibheke ngabomvu isicoco seNedbank Cup

Kuthiwa izingxoxo zikuvuthondaba kodwa into engase ibalekise iChiefs wukuthi lo mdlali umba eqolo njengoba kuthiwa i-Ajax ifuna imali engaphezu kuka-R10 million ngaye ngoba esemncane.

ILANGA lishayele uBobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs ngalolu daba, wathi: “Okwamanje akulula ukuthi ngidalule abadlali esibafunayo ngoba kusayimfihlo.

“Kodwa-ke siyakudinga ukuluqinisa udonga lwasemuva, ngeke ngikuphike lokho. Inkinga esibhekene nayo kwiChiefs ukuthi uma ikilabhu ike yezwa ukuthi umdlali ufunwa yithina ivele inyuse imali ngendlela exakile noma ngabe ubeshibhe kanjani. Ngeke sikuvumele ukuxhashazwa, siyayiqonda imakethe,” kusho uMotaung.

UCoetzee uqokwe njenge-Player of the Season ne-Player’s Player of the Season emcimbini wokuklonyeliswa kwabadlali be-Ajax obuseKapa ngoMgqibelo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.