Kubikwa ukuthi oweSkeem Saam udoja eyesondlo sengane

2017-02-05 13:31

Johannebsurg - Umlingisi womdlalo wakumabonakude iSkeem Saam esitshengisa ku-SABC1, uPatrick Seleka odlala indawo kaKat kuso kusolwa ukuthi usengumpetha ekubalekeleni ukondla ingane yakhe.

Lokhu kuza ngemuva kokuba imithombo ithe umama wengane yakhe usemuyele enkantolo ngokungayondli ingane yakhe.

Lo mdlalo uzobhekana nowayeyintombi yakhe, uLisa Tomson ngomhlaka-20 Febhuwari enkantolo.

OLUNYE UDABA: EseRnB sithi owayeyintombi ufuna kunyuswe eyesondlo ngamaqhunga

"Lokhu ngikwenzela ingane yami, kodwa ngiyesaba. Angazi kuzokwenzekalani lapha," kusho uLisa ngesikhathi ephawula ngodaba.

"Ngithemba ukuthi uPatrick angeke aze abafumbathise. Wake wngitshela ukuthi yena unguphunyuka bemphethe ezintweni ezibandakanya imali."

Umthombo uthe lesi sihlabani sakumabonakude sisanda kufuna ukuthi kwenziwe ulibofuzo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ingane ngeyaso.

"ULisa ukhathele impatho ayithola kuPatrick," kusho umthombo.

"Njalo uma emucela imali yengane, uvele azitshwe."

Ngokusho komunye umthombo, lo mlingisi wabona sengathi imali efunwa nguLisa engu-R2 500 yesondlo izoba wusizo olukhulu kubudlelwano obusha baLisa.

"UPatrick uthi uLisa umubangela inkathazo kubudlelwane bakhe akubo njengamanje," kusho umthombo.

"Uthe akasakwazi ukugxila kubudlelwano bakhe akubo manje uma ezohlezi ekhathazwa yimali zesondlo sengane okungesiyo eyakhe esifunwa kuye.

Ngesikhathi uPatrick ebuzwa ngodaba uthe: "Angazi ukwenzelani lokhu. Sengikhulumile naye kodwa ucahs ngesithupha njalo uma ngiqhamuka nesisombululo salolu daba."

 - Sunday Sun

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.