Kubikwa ukuthi udonsa kanzima umndeni kaSenzo Meyiwa

2016-08-16 10:00

Durban – USamuel Meyiwa, ongubaba kalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, useveze ukuthi umndeni ubhekene nezinkinga zemali.

USamuel uthi useyahluleka ukuthula ebe ebhuqwa yindlala kwazise abakayitholi imali yomshwalense kaSenzo.

Ngokombiko weSolezwe, uSamuel uthi isimo sesisibi ngale ndlela yokuthi useyahluleka ngisho ukuthenga ukudla nokwenza ezinye izidingo zasekhaya.

OLUNYE UDABA: Ubaba kaSenzo Meyiwa ufuna u-R1 million athenjiswa wona

Uthi imali abathenjiswa yona yomshwalense ngo-Ephreli, namanje ayikafiki ezandleni zabo, ngisho nezingane zikaSenzo zisalindile.

USamuel uthi ngesikhathi kushona uSenzo omakhelwane basho ukuthi bazoke babone ukuthi bazophila ngani, manje-ke sesifikile leso sikhathi.

Ubaba kaSenzo wake waphuma emaphepheni ethi uxakekile, futhi ufuna u-R1 million awuthenjiswa yinjinga uPatrice Motsepe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.